iSimangaliso Wetland Park singezinye yezindawo ezinobuhle bemvelo kuleli lase-Afrika. Kulo nyaka, iSimangaliso sihlanganisa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu selokhu saqokwa ukuba yinhlangano ebhekelela ukuvikela kanye nokongiwa kwemvelo, iqokwa yinhlangano eyaziwa ngokuthi yi-UNESCO ngoZibandlela wonyaka ka-1999, lokho kwenza ukuthi kulo nyaka kubungazwe ukuzalwa kwePaki elikhulukazi ngoba linobubanzi bendawo elinganiselwa ku-1314 539 ha, okuwukuthi sisuka eMaphelane size siyofika eKosi Bay eduze nomengcele wase-Mozambique, sinemvelo ehlukahlukene kanye nezindawo ezinhle kakhulu. Igama elithi, “iSimangaliso” lichaza isimanga sobuhle bemvelo obukushiya ungawuvali umlomo, okuwukuthi ngokwanele le ndawo ichazeka njengehlukile kwezinye ezikhona.
iSimangaliso Wetland Park siyintandokwazi kubavakashi abaningi abafika kuleli ngenhloso yokuzobona ubuhle bemvelo, njengoba sazeka ngokuba nemvelo ehlukahlukene okufaka phakathi esolwandle, egudle ugu lolwandle, amaxhaphosi, isizalo sechweba kanye nemvelo ekhona emhlabeni. Abavakashi abavela kuwo wonke umhlaba bangathokozela okuhlukahlukene ngaphakathi ePaki okuwukuthi kukhona okutholakala olwandle nokutholakala esiqiwini. Ngonyaka ophelile nje kuphela, bangaphezu kuka-172 600 abavakashi abangene emagedeni eSimangaliso Wetland Park, lezi zibalo azibafaki labo ababengena kodwa bengakhokhi okufaka phakathi umphakathi wendawo. iSimangaliso Wetland Park sikwazile ukugcina igama lokuba yisiphephelo sezokuvikelwa kwamagugu omhlaba kule minyaka engamashumi amabili nanhlanu adlule. Lokhu kuwubufakazi kwezokongiwa kwemvelo, ukusebenza ngokubambisana nomphakathi kanye nokwenza ezokuvakasha ezinozinzo. Lokhu kusabalala kuze kweqe imingcele ebekiwe, kuthinte izimpilo zabantu bomphakathi kanye nabavakashi imbala
Isikhathi samaholidi sesifikile, imindeni, abangani kanye nabo bonke abantu abasondelene bathatha lesi sikhathi ukuvakashela izindawo abazithandayo ukuzohlukanisa unyaka. Ezokuvakasha ezazeka umhlaba wonke ezenziwa eSimangaliso lapho kuba nemijikelezo yokufunda ngezimfudu okuwuhlelo oluqala ngo Lwezi luze luphele ngoNdasa luqondana nokuthi sesiqalile isikhathi samaholidi.

End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: bhekimanzini@isimangaliso.com
Join the Conversation