Isikhuculiwe imiggwaqo esogwini oluseMpumalanga yepaki
Namuhla mhlaka-31 kuMfumfu 2023 iSimangaliso Wetland Park Authority simemezela ukuvulwa kwendawo yokuvakasha eyaziwa ngokuthi yi-Cape Vidal esogwini oluseMpumalanga yepaki bude buduze nedolobha laseSt Lucia. Lokhu kuza ngemuva kokuvalwa isikhashana kwale ndawo kanye nezinye izingxenye zepaki ngenxa yomonakalo odalwe imvula enkulu ephinde yaphazamisa izingxenye eziningi esifundazweni saKwaZulu Natali ikakhulukazi kumkhandlu waseMkhanyakude osogwini oluseNyakatho.
Umonakalo obe kwingqalasizinda efana nogesi kanye nezindlu zabavakashi uphoqe ubuholi beSimangaliso ukuthi buvale okwesikhashana ezinye izingxenye zepaki ukuze kuzoqikelelwa ukuphepha. Ugesi sewulungisiwe kanye nemfucuza ebigcwele emgwaqeni isusiwe, kusaqhutshekwa nokulungiswa kokunye ukuze isimo sizobuyela kwesijwayelekile.
Umononakalo kwingqalasizinda eCape Vidal
iSimangaliso sithanda ukuqinisekisa kubavakashi kanye nomphakathi ukuthi sizosebenza ngokuzikhandla ukuqikelela ukuthi ipaki likulungele ngayo yonke indlela ukwamukela abavakashi kulamaholidi. Okuningi sekuqediwe ukulungiswa kwizingqalasizinda. Kuyaqhutshekwa nokubheka umthelela odalwe imvula echwebeni laseSt Lucia kanye nasemlonyeni wechweba njengoba umlomo usavulekile namanje.
Statement issued by iSimangaliso Wetland Park
Authority Media inquiries: Mr. Bheki Manzini
Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: bhekimanzini@isimangaliso.com

Join the Conversation