
Simangaliso Wetland Park Authority sidlulisa ukubonga okukhulu kubo bonke ubuholi bendabuko obungaphansi komaspala wesifunda waseMkhanyakude ngomdlalo obe muhle kakhulu odlalwe enkundlelni eseHluhluwe eSafa Field. iSimangaliso sitholakala ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude, phakathi kobukhosi obuyishumi nambili ukusuka kwaSokhulu kuze kuyofika kwaTembe eManguzi. Lo mdlalo kanobhutshuzwayo ulethe injabulo kuzo zonke izingxenye njengoba bekuwumdlalo wokuqalangqa. Owayengumongameli waseNingizimu Afrika uNelson Mandela, kusicaphuno sakhe esidumile wathi, “Ezemidlalo zinamandla ukushintsha umhlaba. Zinamandla okugqugquzela. Zinamandla okuhlanganisa abantu”. Kuliqiniso impela ukuthi ezemidlalo zihlanganisa abantu ziphinde zenze kube nemizuzu yenjabulo kubantu. Kukholwakala ukuthi le mizamo eqhubekayo yokuthi kuhlanganwe namakhosi izosiza ukuthi kuqiniswe ubudlelwano obukhona phakathi kweSimangaliso Wetland Park Authority kanye nobuholi bendabuko, kuphinde kulekelele ukuthi izimpilo zababambiqhaza zibe sesimeni esikahle. Amakhosi amangaze iSimangaliso njengoba umdlalo uphele zibambene ngamagoli amabili enaqenjini omabili, ekubeni kuthe kushaya isikhathi sekhefu amakhosi abelandela ngemuva ngamagoli amabili eqandeni.
End
Abezindaba bengaxhumana nokhulumela iSimangaliso Wetland Park:
Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap:060 533 2082
Join the Conversation