iSimangaliso Wetland Park Logo
Latest News

Uhlaka Lwe-gef-7 Ngaphansi Kwesimangaliso Wetland Park Lunikele Ngezindlulamithi Eziyishumi Nambili Emakhasa Cca

  • 05 March 2025
  • by Mr. Bheki Manzini
Uhlaka Lwe-gef-7 Ngaphansi Kwesimangaliso Wetland Park Lunikele Ngezindlulamithi Eziyishumi Nambili Emakhasa Cca

iSimangaliso Wetland Park ngokusebenzisana nabalingani baso kwezokongiwa kwezemvelo okungeZemvelo KZN Wildlife, banikele ngeziNdlulamithi eziyishumi nambili eMakhasa Community Conservation Area (CCA), ephinde yazeke ngokuthi yiMakhasa Private Game Lodge. Lesi siqiwi somphakathi sitholakala eHluhluwe, silinganiselwa kumahektha angu-2867, siyisiqiwi esiphethwe umphakathi okuwukuthi sakhelene neSimangaliso Wetland Park. iMakhasa game lodge iphethwe umphakathi wakwaMakhasa, lo mphakathi uphethe isiqiwi kanye nendawo enkulukazi eseMunywana Conservancy.

ea7a92745534a655515281eaededd9845b12e535.pngiSimangaliso, ngaphansi kohlaka lwe-GEF-7, sibe nokuxoxisana nomphakathi wakwaMakhasa mayelana nodaba lapho bebecela ukuthi iSimangaliso sibaxhase. Inhlosongqangi ye-Gef-7 ukusabalalisa imihlomulo eya emiphakathini enomnotho otholakala ekuvikelweni kwemvelo, ngaphansi kwale minxa emithathu, (wildlife, bio-trade/bioprospecting, and ecotourism). Ukuze kuzuzwe lokhu, kudinga ukuthi kuqoqelwe ndawonye izinsizakusebenza kanye nokunika uqeqesho kulabo abaqalisa ukwenza umsebenzi wokunakekela imvelo lena okutholakala umnotho kuyo.

Ephawula ngomnikelo abawutholile, umqondisi weMakhasa CCA uMnuz. Thokozani Mlambo waveza ukuthi uyakujabulela ukubona ubudlelwano buqhubeka phakathi kweMakhasa kanye neSimangaliso. “Eminyakeni embalwa edlule, sicele eSimangaliso ukuxhaswa ngezilwane, saphinde sacela ukwakhelwa ingqalasizinda njengoba siphinde sibe neloji. Muva-nje, iSimangaliso sisilethele iziNdlulamithi eziyishumi nambili, sethemba ukuthi zisekhona ezinye izilwane abasazosinikelela ngazo, kanye nokunye esakucela ukuba sixhaswe ngakho”, kusho uMnuz. Mlambo. IMakhasa CCA icele uxhaso kwiSimangaliso ekutheni yakhelwe indawo yokuwotawotwa (Spa), eyokuzivocavoca (gym), eyokubambela imihlangano (conference hall) kanye nezilwane.
NgoMfumfu 2024, iMakhasa CCA yathola uqeqesho olwaluvela eSimangaliso, olunye uqeqesho luhlelelwa ukuba lube kuwo lo nyaka ka-2025, okufaka phakathi ukufundiseka ngemvelo lapho kuzobhekisiswa izinhlaka ukuthi ngabe iMakhasa CCA ingena ngaphansi kwaluphi. Ukuthuthukisa izimpilo zabantu abasuka emiphakathini engomakhelwane nePaki kulokhu kumqoka kakhulu eSimangaliso Wetland Park.
-Iyaphela- Abezindaba bengaxhumana nokhulumela iSimangaliso Wetland Park: Mr Bheki Manzini Call/Whatsap:060 533 2082 Email: bhekimanzini@isimangaliso.com

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: bhekimanzini@isimangaliso.com

Join the Conversation