Skip to main content

Isimangaliso siklonyeliswe ngendondo ye-platinum kumbukiso we- africa travel indaba 2023

30 May 2023
Ekuqokweni kokuqala ngqa, iSimangaliso Wetland Park sikhale samuka nendondo ye-Platinum kumkhakha we-Green Stands Exhibitors Awards small stand category embukisweni we-Africa Travel Indaba (ATI). Le ndondo ihlonipha amagalelo okuba namasu nobuchule, obungcweti, ukusentshenziswa kwemvelo kanye nolwazi lomkhiqizo. Kulo nyaka, lo mklomelo uphinde wahlonipha Kubungazwa indondo yodumo, kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: UNkosazana Thandi Shabalala (Marketing and Brand Manager), Nkosazana Sibusisiwe Maureen Ngcobo (iSimangaliso Board Member), Nkosazana Thandolwethu Maphanga (Tourism intern), Nkosazane Thobile Mthalane (Executive Assistant), kanye noMnu. Bheki Mabika (Tourism Contracts Manager). amabhizinisi ezokuvakasha kanye nezinhlangano ezithuthukise ezokuvakasha ngenkathi kushintshwa ezobuchwepheshe kanye nezimboni okungakaze kube khona phambilini.
Ukuwinwa kwale ndondo kuza ngemuva kokuthi iSimangaliso singenele umbukiso wezokuvakasha obizwa ngokuthi yi-Africa’s Travel Indaba 2023 obubanjelwe eThekwini kule nyanga (ngoNhlaba). Lena inkundla efanele ukuthi kukhonjiswe okuhamba phambili ngezwekazi lase-Afrika kulo mcimbi ikakhulukazi njengoba kuyinyanga okubungazwa ngayo i-Afrika. I-Africa Travel Indaba umcimbi omkhulu kakhulu wokukhangisa ezokuvakasha ngokwekhalenda yase-Afrika futhi lo mcimbi ungomunye wemicimbi emithathu eseqophelweni eliphezulu umhlaba wonke jikelele. Lo mcimbi uphethwe yi-South African Tourism, ngenjongo yokukhanda ithuba lokuthi kukhangiseke ezokuvakasha e-Afrika.
Ithimba leSimangaliso emnyangweni wezokuvakasha kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi lithathe leli thuba ukuxhumana nabanye abakulo mkhakha bakwamanye amazwe omhlaba njengoba lo mbukiso we-ATI uthathe izinsuku ezintathu. Bekubanjwa izinguyazana ezikhuthazayo nabathengi kanye nabezindaba abahlukahlukene. Ababukisi bebexhumana bebheka amathuba okuhlangana nabantu abahlukahlukene kanye nokufunda kwabanye abantu ukuthi bona benza kanjani.
Umphathi womnyango wezokukhangisa iSimangaliso uNkosazana Thandi Shabalala waphawula wathi, ‘’Ukuklonyeliswa ngale ndondo emcimbini okuleli zinga kusho lukhulu kuthina njengeSimangaliso futhi siyabonga kakhulu kuzo zonke izinhlangano nabo bonke abantu ababe ingxenye yokuhlela lo mcimbi omkhulu kangaka”.
Lo mbukiso wezokuhweba ububanjelwe kwisifundazwe saKwaZulu-Natali. Lesi sifundazwe sidume ngobuhle, sifudumele kahle kanye nezindawo ezihehayo ezigudle ugu, sinemvelo ehlukahlukene kanye nezindawo zokuvakasha ezinjengeSimangaliso Wetland Park. Lombukiso wezinsuku ezintathu uheha abathengi bakwamanye amazwe, abezindaba, kanye nabezimboni emazweni omhlaba. I-Africa Tourism Indaba 2023 ibe impumelelo enkulu, ihanjelwe abantu abaningi kakhulu uma kuqhathaniswa nanyakenye. Kulo mcimbi wakulonyaka, bekunezithunywa (delegates) eziyizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalolunye (8 629), ababukisi abayinkulungwane namashumi amabili nantathu (1023), kanye nabathengi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesikhombisa (1 737).
Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnu. Sibusiso Bukhosini waphawula wathi, “Lo mcimbi we-Africa’s Travel Indaba awugcini nje ngokugcizelela ukuqina komkhiqizo wethu kepha uqinisa ukululama kwethu ngemuva kwesikhathi esinzima esike sabhekana naso ngenxa yobhubhane lokhuthe i-Covid-19 oluholele ekutheni umnotho ukhule kancane ikakhulukazi njengoba kuke kwavinjelwa ukuhambela amanye amazwe ngenxa yokuvalwa kwezwe ngaphansi komvalelandlini. Ukuba nomcimbi walolu hlobo kusiza kakhulu ekwakheni kabusha ezokuvakasha kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi eNingizimu Afrika kanye nase-Afrika yonkana”.

Ngaphambi nangemuva komcimbi, iSimangaliso asikuthatheli phansi lokhu njengoba kunikeza abavakashi umbono abawudingayo kule mihlangano yokuxoxisana ebanjwayo. iSimangaliso sifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kwezokuvakasha eNingizimu Afrika, ezokuvakasha KwaZulu-Natali kanye nabamabhizinisi ezokuvakasha bendawo baseSimangaliso abalokhu beqhubeka nokuba nesandla ekuqinisekiseni ukuthi kuba nempumelelo kanye nenqubekela phambili kwezokuvakasha kulesi sifunda.

End

Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority Abezindaba bengaxhumana no: MLO: Mr Bheki Manzini Call/Whatsap: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.