SEKUVULIWE UKUFAKWA KWESICELO SOMFUNDAZE ESIMANGALISO
12 February 2024
Kulesi sikhathi yilapho iSimangaliso sinxenxa khona abafundi ukuthi bafake izicelo zokuxhaswa ngaphansi kwalolu hlelo. Kudingakala abafundi abayishumi abazoba nalokhu okulandelayo:
Umfundi owenza unyaka wokuqala kulezi zikhungo; iNyuvesi yaKwaZulu Natal, iNyuvesi yaseZululand, iNyuvesi iMangosuthu kanye ne-Durban University of Technology.
Abafundi kumele kube wukuthi basifakile isicelo sokuxhaswa iskhwaba esixhasa abafundi esaziwa ngokuthi i-National Student Financial Aid Scheme futhi kube nesiqiniseko sokuthi isicelo sakhe samukelekile kulo nyaka.
Abafundi kumele kube ukuthi babhalisele imikhakha efana nokongiwa kwemvelo, ezokuvakasha, ukuthuthukiswa kwemiphakathi, ezamabhizinini, ukufundela umthetho kanye nobunjiniyela njalo njalo.
Kube umfundi wakuleli lizwe, kube ukuthi ungumsuswa walapha eSimangaliso okanye uhlala ngamphansi komaspala wesifunda Umkhanyakude noma kumasipala waseMfolozi ikakhulukazi abafundi abasuka kwaSokhulu.
End
Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
MLO: Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap: 060 533 2082
Email: