
UKUSEBENZISANA NEZINHLAKA EZAHLUKENE KUTHELE IZITHELO EZINHLE
31 January 2023
Isikhathi sokuba matasa ngamaholidi sifike saphinde sadlula, ubuholi beSimangaliso Wetland Park siwutholile umbiko mayelana namaholidi. Ubuholi bePaki buthanda ukubonga kakhulu bonke abavakashi ababevela kuwo wonke amazwe omhlaba iSimangaliso njengendawo yokuvakashelwa esikhathini esedlule samaholidi. Iqhaza elibanjwe izinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo amaphoyisa (SAPS), amaphoyisa omgwaqo aseMtubatuba, umbutho wozokuvikela (SANDF), izinkampani zonogada kanye neZemvelo KZN Wildlife lishayelwe ihlombe. Ubugugu obunothile obutholakala ePaki bungesinye sesizathu eziheha izinkulungwane zabavakashi umhlaba wonke.
SiyiSimangaliso Wetland Park, sinethemba elikhulu lokuthi abavakashi bethu bakujabulele ukuba sePaki baphinda bahambela izindawo zethu ezilishumi ezinobugugu kanye nezinto ezimangalisayo ongaba ingxenye yazo. iSimangaliso senza isiqiniseko sokuthi ukuphepha kwabavakashi yinto ebaluleke kakhulu njengoba besitshale onogada emagedeni asetshenziswa ukungena kanye naphuma olwandle. Onoqada bebeqaphe isimo olwandle ukugwema abavakashi okunokwenzeka bafike nezinto ezingavumelekile ngaphakathi ezifana notshwala, isibhamu njalo njalo.
Lolu hlelo lokutshalwa konogada lulethe imiphumumela emihle njengoba kungekho isigameko esibabazekayo esibikiwe kulamaholidi adlulile. Bekunezivimbamgwaqo ezine ebezenziwa iPaki lonke kusuka e-St Lucia kuze kuyofika eSodwana. Ezimbili zazo bezenziwa e-St Lucia nase Kosi Bay. Bekungokokuqala iPaki isebenza ngokugcwele selokhu kwahlasela ubhubhane lokhuvethe (Covid-19) oludale umonakalo omkhulu embonini yezokuvakasha kanye nakwezinye izimboni ngonyaka ka-2020.
Ingqalasizinda yePaki beyeluliwe kweyejwayelekile ngoba izibalo zabavakashi abafikile ziveza ukuthi isibalo sinyukile uma kuqhathaniswa nesibalo sanyakenye. Izinsuku ezintathu ezahlukene iSimangaliso bekumele sivale igede laseBhangazi okuyigede ongena ngalo uma uya e-Cape Vidal, lokho bekwenzelwa ukuzama ukulawula abavakashi ababengena. Bese kulindwa kuphume oyedwa bese kungena omunye ngoba bese kugcwele. Ingxenye evakashelwa kakhulu yePaki yilena esogwini oluseMpumalanga yechweba njengoba ivakashelwe abavakashi abalinganiselwa kumaphesenti angamashumi ayisihlanu nesikhombisa (57%).
iSimangaliso Wetland Park sinwebeka ukusuka engxenyeni eseNingizimu yePaki eMaphelane bude buduze nase-St Lucia lize liyofika eKosi Bay engxenyeni eseNyakatho yePaki bude buduze nomngcele wase Mozambique. iSimangaliso singesesibili ezindaweni ezinkulu ezivikelwe eNingizimu Afrika, ngoZibandlela wonyaka ka-1999 safakwa ohliwini eNingizimu Afrika njengendawo yokuqala evikela ubugugu nomlando oseingeni lomhlaba ngenxa yokuhlonipha ubugugu obuhlukile umhlaba wonke kanye nobuhle bemvelo. Saqokwa inhlangano eyaziwa ngokuthi yiUnited Nations Environment Scientific and Cultural Organisation (UNESCO) ukuba ifakwe lolu phaphe.
Le nhlanganisela yobuhle bemvelo isikhuphulele iSimangaliso ebalazweni kanye nokuba uphawu lwaseNingizimu Afrika njengalokhu loyo owayenguMongameli kuleli uNelson Mandela enkulumeni yakhe eyigugu ayethula ngenkathi kubuyiswa kabusha iziNdlovu ogwini oluseMpumalanga yecheba wathi, “iSimangaliso kumele kube iyona
kuphela indawo emhlabeni lapho isilwane esidala esincelisayo (uBhejane) kanye nesilwane esikhulu somhlaba esincelisayo (lNdlovu) zabelana ngokulinganayo uhlelo lunye nofishi omdala womhlaba (i-Coelacanth) nesilwane esikhulu somhlaba esihlala
emanzini (Umkhome)”.
Ukuphinda, iSimangaliso sibonga bonke abavakashi abavakashele iPaki, sikholwa ukuthi izivakashi zethu zibe nokuvakasha okuzokhumbuleka futhi zizophinde zizovaka.
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: