Skip to main content

Ungqongqoshe uvakashele iSimangaliso Wetland Park

29 March 2023
Ekuvakasheleni kwakamuva iSimangaliso Wetland Park, uNgqongqoshe wezaMahlathi, Ukudoba kanye nokongiwa kweMvelo uNks Barbara Creecy wafunda ukuthi isabelomali seSimangaliso sidale amathuba emisebenzi ukusiza ukuxosha ikati eziko kanye nokunika amathuba kosomabhizinisi abasebancane abavela kakhulu kuMkhandlu waseMkhanyakude okuyindawo ngokukaMongameli akayibona ukuthi inobuphofu ezweni kanye nezinga eliphezulu lokuntuleka kwamathuba emisebenzi.
Ngenkathi evakashele iPaki izinsuku ezimbili, uNgqongqoshe uCreecy waba nethuba lokuhambela izindawo lapho kwakhiwa khona izingqalasizinda ezakhiwa yiPaki njengamanje.
iSimangaliso Wetland Park Authority silungiselela ukuvula amaHhovisi amasha; uNgqongqoshe wabheka ukuthi asekulungele yini ukuvulwa lawo maHhovisi. Ukwengeza, wabe esephinda evakashela iloji entsha ekhandwa eCharters Creek ukubheka isimo senqubekela phambili yayo. Ekuvakasheleni kwakhe lezi zindawo, uNgqongqoshe wabe esephawula ethi, “iSimangaliso simele ukuthuthukisa okukhulu komnotho kule ndawo kanye nokuthuthukisa umnotho wabantu endaweni njengoba izinkomba ziveza ukuthi amaphesenti angamashumi amane (40%) abantu abangasebenzi emiphakathini kanye namaphesenti angamashumi amahlanu (50%) entsha engasebenzi kulo nyaka odlule alinganiselwa kuzinkulungwane ezinhlanu amathuba omsebenzi adalwe iSimangaliso”.
uNgqongqoshe uCreecy waphinde wakhanda isikhathi sokuthi avakashele iHluhluwe Imfolozi Park (HIP) lapho ayehamba khona noMnu Siboniso Duma MEC (EDTEA). Okwakuyinhloso ekuvakasheleni kwakhe kwakuwukwethula izinselelo ezibhekene nokuzingelwa koBhejane, ukubheka ukuthi kudingakala luphi usizo ukulwisana nokuzingelwa koBhejane kanye nokuthola ngokubiywa kocingo ukuthi sekuhanjwe kwafikwaphi nakho.
uNgqongqoshe waya lapho kuwelwa khona umfula eHluhluwe Imfolozi Park lapho umphathi wepaki ayehamba phambili ekudingidweni kwamaqhinga okubiywa kocingo ukusiza ukulungisa inkinga ekhona kwathi emuva kwalokho wabe eseyobona indawo lapho kulawulwa khona oBhejane (nerve center) ukubona ukuthi isebenza kanjani. Kwathi ntambama, waya eSimangaliso Wetland Park okuyilapho avakashela khona umphakathi okhahlamezwe izikhukhula emasimini eMonzi waba nezingxoxo nabalimi. Waqhubeka nohambo lwakhe wangena ePaki okuyilapho ahheka khona amaPhrojekthi enziwa iPaki, wahlangana nababambe iqhaza ePaki, wabheka uhlelo lokuhweba ePaki, wabheka inqubekela phambili mayelana nokuqaliswa kohlelo olwanconywa iphaneli yezazi kanye nezinkinga mayelana nokongiwa kweMvelo okufaka phakathi umlomo wechweba nezikhukhula, amathuba emisebenzi adalwa iPaki, inqubekela phambili mayelana nobunini bezindawo kanye nokunye okuningi okuhlanganisa ukuthuthukiswa kwezingqalasizinda.
Osukwini lokugcina ekuvakasheleni kwakhe iPaki, wahlangana nababambe iqhaza eSimangaliso, abahlomula eSimangaliso kanye nawo wonke amalungu omphakathi ukuthola ukuphawula kwabo mayelana nomlomo wechweba osube undabamlonyeni isikhathi eside. Amalungu omphakathi kanye nabalimi bazwakalisa isikhalo esisodwa mayelana nomlomo wechweba, amasimu abo acwile emanzini okuwukuthi lokho kudala indlala enkulu kubo njengoba beziphilisa ngakho ukulima.

Elinye ilungu lomphakathi laveza usizi ababhekene nalo kwathi kusenjalo lagajwa usizi kwehla izinyembezi ngenxa yomonakalo odwalwa izikhukhula kanye nokucwila kwamasimu abo emanzini. Ukucwila kwamasimu emanzini inking ebhekene nabalimi abahwebayo kanye nabalimi abancane futhi akulula ukuqagela ukuthi ukuvuleka komlomo njengoba uzivulekele wona ngokwemvelo kuzoluqeda yini lolu size. Noma kunjalo, iSimangaliso sisebenzisana nababambe iqhaza kuso ukusungula kanye nokwenza izinhlelo ukulungisa lesi simo esikhathaza izimpilo zabantu abakhelene nePak

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.