
Isibuyekezo mayelana nechweba lase-St Lucia
30 March 2023

Uhlelo lokuqokwa kwe-ecologist seluqalile njengoba isikhangiso senziwe kanye nenhlolokhono seyiqediwe ukwenziwa. Kulindeleke ukuthi loyo ozoqokwa aqale ukusebenza maduze. Ukubuyekeza uhlelo kuzoba umsebenzi we-ecologist ima iqala ukusebenza futhi uhlahlomali lwalokho seluvele lukhona. iSimangaliso sisebenza ngokuzikhandla nababambe iqhaza abahlukahlukene kanye nethimba eliqokiwe ukuqinisekisa ukuthi inkinga eyamene nechweba lase St. Lucia iyalungiswa.
Emhlanganweni owabanjwa mhla ziyishumi nesithupha kuNdasa 2023, eminye imiphakathi kanye nalabo abathintekayo kule nkinga baveza emhlanganweni ukuthi namanje amasimu abo asacwile emanzini futhi isimo sesisibi kakhulu kunakuqala. Kunabanye abanomuzwa wokuthi ososayensi banikwe amandla amaningi ngoba iSimangaliso silokhu sibabalula kube sengathi akukho okungenzeka ngaphandle kokungenelela kososayensi, noma kunjalo labo sosayensi akubona abasokolayo kulokhu, izingane zabo azisokoli futhi lamasimu yiwo aletha ukudla emndenini yethu. Ngenkathi kulokhu kuhlesiswa ukuthatha izinyathelo kulokhu, kuzomoshakala kakhulu kunalokhu.
Yize kunjalo, umphathi omkhulu weSimangaliso uMnu. Sibusiso Bukhosini wacacisa emhlanganweni ukuthi ososayensi abanikwanga amandla ukuthatha noma ngabe isiphi isinqumo senhlangano kodwa ubuqiniso bale nkinga ukuthi kudingakala kulandelwe umthetho ukwenza lokhu futhi inhlangano izama ngakho konke okusemandleni ukuthola usizo ngokushesha waphinde waveza ukuthi le nkinga ebhekene nomphakathi iyabakhathaza nabo futhi bayithathela phezulu.
Umphathi omkhulu weSimangaliso waqhubeka wachaza ukuthi ufuna ukuphinde aqinisekise ukuzibophezela kwakhe ekusebenzeni ngokuhlanganyela nabanye kanye nokuqinisa ubudlelwano anabo nababambe iqhaza eSimangaliso kukho kokubili njengomphathi omkhulu weSimangaliso futhi njengomuntu nje ngokujwayelekile. Wazwakalisa ukujabula okukhulu nokubonga kukho konke osekwenziwe kulesi sikhathi nakubo bonke ababe ingxenye yalokhu osekwenziwe.
uNgqongqoshe womnyango wakwa-DFFE uNks Barbara Creecy uphinde wavakashela iSimangaliso mhla ziyishumi kuNdasa 2023 ukubheka inqubekela phambili eyenziwe mayelana nenkinga ebhekene nechweba kanye nezikhukhula ezihlasele. Waba nomhlangano nabalimi abancane, abalimi abahwebayo, abathintekayo kulokhu kanye nababambe iqhaza eHholo lase St. Lucia. Lokhu kwakuwukulandelela emhlanganweni akaba nawo ngenkathi evakashile mhla zingamashumi amabili nesishiyagalombili kuMbasa nyakenye lapho abeka khona etafuleni umbiko wephaneli yezazi ezazicubungula isinqumo esathathwa iSimangaliso sokuvula umlomo wechweba lase St .Lucia.
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: