Skip to main content

Isibuyekezo mayelana nechweba lase-St Lucia

30 March 2023
Cishe sekuphele unyaka selokhu umlomo wechweba lase St. Lucia wazivulekela ngokwemvelo. Ukuvuleka komlomo wechweba kweza ngemuva kwezimvula ezazinamandla ezana KwaZulu-Natal ngoNdasa nyakenye. iSimangaliso muva-nje sisanda kuba nomhlangano nababambe iqhaza eSimangaliso abahlukahlukene, abasebenza ngezokuvakasha, abaphathi bezokongiwa kweMvelo, ama-NGOs, abamele imiphakathi yasemakhaya, abadobi, abalimi kanye nosomabhizinisi.
Inhloso yomhlangano kwakuwukudingida kanye nokunika isibuyekezo mayelana nokumele kwenziwe okwanconywa iphaneli yezazi eyayiqokwe uNgqongqoshe ukubheka isinqumo esathathwa iSimangaliso sokuvula umlomo wechweba lase-St. Lucia.
Ngokwesahluko sesikhombisa kumbiko wephaneli owathunyelwa kuNgqongqoshe wezaMahlathi, uKudoba kanye nokongiwa kweMvelo uNks Barbara Creecy, umbiko wabeka phambili okuhlanu okuyizincomo ezimqoka kanye nezindawo ezine okosentshenzwa ngazo ngomuso. Okuseqhulwini mayelana nokwenziwa kwesincomo ngasinye kuhlukaniswe amaqoqo amathathu okuwukuthi kumele kwenziwe manje, ngesikhathi esilandelayo kanye nesikhathi eside esizayo.
Uhlelo lokusebenza lokuqala lwalumayelana nokubheka izikhathi ezibekiwe ukwenza lo msebenzi kanye nokubheka ukuthi ziyiqiniso kangakanani, kuthe kamuva kwabonakala ukuthi lezi zikhathi zaziyiqiniso futhi kungenzeka lokhu. Okokuqala okuseqhulwini kwakunconywa ukuthi kube phakathi kweminyaka emibili, okulandelayo kwanconywa ukuthi kwenziwe phakathi kweminyaka emithathu kuya kwemihlanu bese kuthi okumele kwenziwe esikhathini eside esizayo kumelwe kwenziwe eminyakeni engaphezu kwemihlanu ezayo.
Ngokwezincomo, uMqondisi jikelele womnyango wakwa-DFFE kudingakala ukuthi axhumane nozakwabo bakweminye iminyango ngokohlelo lokumele kwenziwe, futhi uhlelo seluvele lukwinhlangano kanye nalabo ababambe iqhaza njengoba manje sebesebenzisana nabasebenzi abaqondene nalokho ukwenza lokhu okukwizincomo. Sekuningi osekwenziwe okufaka phakathi okwenziwe uNgqongqoshe ukuqoka ozokwenza lo msebenzi wokucubungula umqulu we-estuarine management plan.
iSimangaliso sibe sesiya emakethe ukuyobheka sase sithola ukuthi kudingakala imali elinganiselwa kwizigidi ezimbili namakhulu amane ezinkulungwane zamarandi (R2.4 million) ukuqoka loyo ozokwenza lo msebenzi. Leyo mali seyitholiwe futhi inkampani iCebo Environmental Consultants iyona eqokwe ukuthi yenze lo msebenzi. Umsebenzi owenzwe oqokiwe okwamanje wukwengamela kanye namalungiselelo aphambili ukuze kuzophuthunyiswa inqubo yokumele kwenziwe. Uzokwethulwa kwababambe iqhaza eSimangaliso ngokusemthethweni uma eseqala ukwenza umsebenzi. Okunye, umsebenzi wokususa izimila lezi ezikumagqunyana agudle ulwandle uyaqhubeka.

Uhlelo lokuqokwa kwe-ecologist seluqalile njengoba isikhangiso senziwe kanye nenhlolokhono seyiqediwe ukwenziwa. Kulindeleke ukuthi loyo ozoqokwa aqale ukusebenza maduze. Ukubuyekeza uhlelo kuzoba umsebenzi we-ecologist ima iqala ukusebenza futhi uhlahlomali lwalokho seluvele lukhona. iSimangaliso sisebenza ngokuzikhandla nababambe iqhaza abahlukahlukene kanye nethimba eliqokiwe ukuqinisekisa ukuthi inkinga eyamene nechweba lase St. Lucia iyalungiswa.

Emhlanganweni owabanjwa mhla ziyishumi nesithupha kuNdasa 2023, eminye imiphakathi kanye nalabo abathintekayo kule nkinga baveza emhlanganweni ukuthi namanje amasimu abo asacwile emanzini futhi isimo sesisibi kakhulu kunakuqala. Kunabanye abanomuzwa wokuthi ososayensi banikwe amandla amaningi ngoba iSimangaliso silokhu sibabalula kube sengathi akukho okungenzeka ngaphandle kokungenelela kososayensi, noma kunjalo labo sosayensi akubona abasokolayo kulokhu, izingane zabo azisokoli futhi lamasimu yiwo aletha ukudla emndenini yethu. Ngenkathi kulokhu kuhlesiswa ukuthatha izinyathelo kulokhu, kuzomoshakala kakhulu kunalokhu.

Yize kunjalo, umphathi omkhulu weSimangaliso uMnu. Sibusiso Bukhosini wacacisa emhlanganweni ukuthi ososayensi abanikwanga amandla ukuthatha noma ngabe isiphi isinqumo senhlangano kodwa ubuqiniso bale nkinga ukuthi kudingakala kulandelwe umthetho ukwenza lokhu futhi inhlangano izama ngakho konke okusemandleni ukuthola usizo ngokushesha waphinde waveza ukuthi le nkinga ebhekene nomphakathi iyabakhathaza nabo futhi bayithathela phezulu.

Umphathi omkhulu weSimangaliso waqhubeka wachaza ukuthi ufuna ukuphinde aqinisekise ukuzibophezela kwakhe ekusebenzeni ngokuhlanganyela nabanye kanye nokuqinisa ubudlelwano anabo nababambe iqhaza eSimangaliso kukho kokubili njengomphathi omkhulu weSimangaliso futhi njengomuntu nje ngokujwayelekile. Wazwakalisa ukujabula okukhulu nokubonga kukho konke osekwenziwe kulesi sikhathi nakubo bonke ababe ingxenye yalokhu osekwenziwe.

uNgqongqoshe womnyango wakwa-DFFE uNks Barbara Creecy uphinde wavakashela iSimangaliso mhla ziyishumi kuNdasa 2023 ukubheka inqubekela phambili eyenziwe mayelana nenkinga ebhekene nechweba kanye nezikhukhula ezihlasele. Waba nomhlangano nabalimi abancane, abalimi abahwebayo, abathintekayo kulokhu kanye nababambe iqhaza eHholo lase St. Lucia. Lokhu kwakuwukulandelela emhlanganweni akaba nawo ngenkathi evakashile mhla zingamashumi amabili nesishiyagalombili kuMbasa nyakenye lapho abeka khona etafuleni umbiko wephaneli yezazi ezazicubungula isinqumo esathathwa iSimangaliso sokuvula umlomo wechweba lase St .Lucia.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.