
Bekubungazwa impumelelo yabahlomula ohlelweni lokuxhasa abafundi emfundweni ephakeme
01 December 2022

USandiso Zikhali ungomunye wabahlomule kulolu hlelo, ubonge iSimangaliso ngaphansi kwabahlomula kulolu hlelo waveza ukuthi uxhaso abaluthole kwiSimangaliso lube usizo kakhulu. Imali, usizo kwizifundo kanye nokulekelelwa ngokomqondo kubasize kakhulu ebunzimeni ebabhekane nabo ezifundweni zabo.
iSimangaliso Wetland Park Authority sizoqala ukuthola abazohlomula kululo hlelo ekuqaleni konyaka ozayo, labo abanentshisekelo kumele babheke iSimangaliso kusukela mhla kuyishiyaglulonye kuya kuyizishumi nantathu kuMasingana 2023 kulama nyuvesi abaliwe ngenzasi. Okanye bathole ifomu lokufaka isicelo eSimangaliso kulendalwazi: www.iSimangaliso.com
Okudingakalayo ilokhu okulandelayo
- Abafundi kumele kube ukuthi babhalisele unyaka wokuqala kulamaNyuvesi; iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, iNyuvesi yaseZululand, Mangosuthu University of Technology neNyuvesi yase-Durban Central University of Technology.
- Abafundi kumele bafake isicelo soxhasomali luka National Student Financial Aid Scheme futhi kube nesiqiniseko sokuthi umfundi ulutholile uxhaso luka-NSFAS ngonyaka ka-2023.
- Abafundi kumele kube ukuthi babhalise emkhakheni wezokongiwa kwemvelo, ezokuvakasha nokuthuthukisa umphakathi kanye nezinye izifundo eziyamene nalolu hlelo.
- Abafundi kumele babe ngabendabuko eNingizimu Afrika okungakhonwa ukuthi kuqinisekiswe lokho okanye, kube ukuthi basuka emphakathini engama-Land Claimant eSimangaliso, okanye babe ngabahlali baseMkhanyakude ezindaweni ezisondelene neSimangaliso Wetland Park noma umphakathi ongaphansi koMaspala waseMfolozi okuyindawo yakwaSokhulu.
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: