Skip to main content

Isigameko semvubu echwebeni iLake St Lucia esimangaliso Wetland Park

21 October 2022
iSimangaliso Wetland Park Authority(iSimangaliso) sifisa ukuqinisekisa isigameko esibandakanya iMvubu esenzeke ngolwesiThathu lomhlaka 19 kuMfumfu 2022 ebusuku ngezithuba zo-18h50 ogwini olusempumalanga nechweba lase St. Lucia kude buduze ne-The Bridge Lodge ngase dolobheni lase St. Lucia
ngokwemibiko kubikwa ukuthi abantu abathathu nokubalwa owesifazane osemdala oneminyaka elinganiselwa kwengamashumi amahlanu ubudala(okunguyena ohlaselwe iMvubu) kusolwa ukuthi bangene endaweni engavikelekile eseduze nechweba enezimpawu ezicacile eziveza ukuthi kunezilwane zasendle okunjengeziNgwenya kanye Mvubu. Labantu bebengabavakashi e-The Bridge Lodge nokusolwa ukuthi bebezama ukuyobhukuda echwebeni ngesikhathi iMvubu idla utshani ehlathini imhlasela yamshiya nengozi emlenzeni nokuyimanje uthola ukwelashwa esibhedlela esizimele eThekwini.
iSimangaliso sinezimpawu ezifanele nezicacile ePaki ezixwayisa izivakashi ngobungozi obungase bubekhona, lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa izingameko ezinjengalezi azenzeki. iSimangaliso sifisa ukuphinde sinxuse izivakashi ukuba ziqinisekise ibanga elanele futhi bangazithusi noma bazisabise izilwane zasendle ngokusondela eduze kakhulu kuzona nokungaholela esigamekweni esifana nalesi. Ngokolwazi olutholakele kuveza ukuthi lesigameko senzeke ngokushona kwelanga, ngaphandle kwase-The Bridge Lodge endaweni enezimpawu ezicacile eziveza ukuthi kunezilwane zasendle eziyingozi.
iSimangaliso sifisa ukudlulisa amazwi okuzwelana nomdeni kanye nabangani bowesifazane olimele futhi simfisela ukwelulama okusheshayo.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.