Skip to main content

ISIZINI YEMIKHOMO ISIBUYILE ESIMANGALISO WETLAND PARK

12 July 2024
Izimanga azipheli eSimangaliso Wetland Park. ENingizimu Afrika, iSt. Lucia indawo etholakala ogwini oluseNyakatho nesifundazwe saKwaZulu Natali okuyindawo ebalwa nezivelelwe ekubukweni kweMikhomo. Sekuyiso leso sikhathi lapho iMikhome ibuya iza olwandle olufudumele lwase-St. Lucia eSimangaliso Wetland Park. Kusuka ngoNhlangulana kuya kuLwezi, iMikhomo eyaziwa ngokuthi yiSouthern Right Whales kanye ne-Humpback Whales iyafuduka ize kulamanzi afudumele asogwini. Abavakashi abasuka kuwo wonke amazwe umhlaba bayamenywa ukuthi bevakashele le ndawo bezobona lezi zimanga kanye nokuba nesikhathi abangasoze basikhohlwa.
UMkhomo uma usukhulile ngokujwayeleke ulinganiselwa kumamitha angu-14 kuya ku-15 (cishe amanyathelo angu-46 kuya ku-49). UMkhomo wesifazane kujwayeleke ukuthi ube mude kunowesilisa. Isisindo soMkhome silinganiselwa kuziNdlovu ezingamashumi amathathu, okulinganiselwa kumaphawundi angu-200,000 kuya ku-300, 000 (90,000 kuya ku-136,000 kilograms). INingizimu Afrika ngenye yezindawo ezidumile umhlaba wonke jikelele ekubukweni kweMikhomo, ngalesi sikhathi, iMikhomo ivame ukubonakala namathole njengoba ikhulisa amathole kula manzi afudumele. Kulula ukuqagula isizini yeMikhomo njengoba ibonakala seyiseduze nogu ngalesi sikhathi.
iSimangaliso Wetland Park sinenhlanganisela yobuhle bemvelo kanye nokuhlukana kwemiphakathi. OwayenguMongameli wezwe uNelson Mandela enkulumeni yakhe ayethula ngonyaka ka-2002 ngenkathi kwethulwa iziNdlovu ogwini oluseMpumalanga nechweba laseSt. Lucia wathi, “Leli Paki kumele kube indawo lapho isilwane esincelisayo okuwuBhejane kanye nesilwane esikhulu okuyiNdlovu sabelana ndawonye nofishi omdala owaziwa ngokuthi yi-Coelacanth kanye nesilwane esikhulukazi sasemanzini ezaziwa ngokuthi uMkhomo”.
Ungaphuthelwa yile sizini yenjabulo eSimangaliso, isizini yamaShede nayo isifikile kubadobi. Kunamathuba amaningi kubadobi ukuthi bebambe loli hlobo lofishi ngalesi sikhathi. Vakasha eSimangaliso Wetland Park uzobona lobu buhle bemvelo obukushiya ungawuvali umlomo.

End

-Iyaphela-

Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
MLO: Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap: 060 533 2082
Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.