Skip to main content

IMVELO NOKUTHULA- ISIQUBULO SE-COP16, YINDLELA YOKUPHILA YESIMANGALISO WETLAND PARK

05 November 2024
Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park, uMnuz. Sibusiso Bukhosini, muva-nje usanda kuhambela ingqungquthela yomhlaba yonyaka ka-2024 ebibanjelwe eCali, eColombia. Ubeyingxenye yezithunywa zaseNingizimu Afrika obekufaka phakathi iphini likaNgqongqoshe wakwa-DFFE, uMnuz. Narend Singh kanye nephini likaMqondisi jikelele kwezokongiwa kwemvelo, uNksz. Mohlago Mokgohloa. Le ngqungquthela ye-COP16 yaqala mhla zingamashumi amabili nanye kuMfumfu yaphela mhla zilunye kuLwezi 2024.
Kule ngqungquthela, umphathi omkhulu weSimangaliso uMnuz. Bukhosini ube yingxenye yezingxoxo ezivusa imicabango mayelana nezindlela zokwakha imali ukuze kuvikelwe imvelo esengcupheni. Ngaphansi kwalesi siqubulo, ‘imvelo nokuthula’, lena bekungeyokuqala ingqungquthela yokubhekana nokugqugquzelwa kwezinsizakusebenza njengoba kubekwe isilinganiso sokuqoqa imali elinganiselwa kuzigidi zezinkulungwane ezingamashumi amabili zamadola ngonyaka ($20 billion USD), okuwukuthi kulindeleke ukuthi ikhule ize ifike kuzigidi zezinkulungwane ezingamakhulu amabili amadola ($200 billion USD) ngonyaka ka-2030. iSimangaliso okwamanje sinomsebenzi wokunyusa inzuzo eyenziwa yipaki okuwukuthi lokhu kuhambisana nalokho okwashiwo uMengameli waseNingizimu Afrika uMnuz. Cyril Ramaphosa ngonyaka ka-2019 lapho aveza khona ukuthi, ‘’iNingizimu Afrika kumele izuze kwingcebo yezokumbiwa phansi futhi ikhiqize ngokwengeziwe’’.
Phambilini le ngqungquthela beyidingida izindlela zokuqalisa lokhu okubizwa nge-Kunming-Montreal Global Framework (GBF). Lokhu kwethulwa kwi-COP15 eyayibanjelwe eMontreal, eCanada ngonyaka ka-2022. Kudingeka ukuba kwenziwe okungamashumi amabili nantathu okuhambisana nalokhu okuhlosiwe okuphuthumayo, lokho kufuze kwenziwe kuqedwe kuqambe kushaya unyaka ka-2030 sekuqediwe. Okusohlwini lokuqala ukuthi kuhlelwe kuphindwe kulawulwe zonke izindawo ukuze kuzonciphiswa amathuba okuthi kube khona imvelo eswelekalayo. iSimangaliso Wetland Park Authority njengamanje sinalo uhlelo olukhona olubhekene nokunciphisa amathuba okuthi kube khona imvelo eswelekalayo, futhi lokhu kukhuluma ngendlela yokuthi iPaki lisebenza ngokuhambisana nemihlahlandlela yezokongiwa kwezemvelo umhlaba wonke, njengoba iSimangaliso saqokwa yinhlangano eyaziwa gokuthi yi-UNESCO ukuba sibe indawo elondoloza imvelo kanye namagugu omhlaba.
Ngaphezu kwalokho,izithunywa zaseNingizimu Afrika zibe neqhaza kwizinkulumo ebezithinta amazwe asathuthuka. Yize lamazwe esathuthuka kodwa anemvelo ecebile, angahlomula kwi-Digital Sequence Information (DSI) okuwukuthi yona iholela ekutheni kube nenzuzo etholakalayo ngokuthi kuthengiswe izinsizakusebenza kwezokwelapha kanye nakwezocwaningo. Abelaphi bendabuko badlala iqhaza elikhulu esizweni futhi nabo abakhishelwe ngaphandle kulolu hlelo lokuqaliswa kwe-DSI njengoba bona banolwazi olunzulu lwakudala, lokhu kuyangena ekulondolozweni kwemvelo. Kugcizelelwe kakhulu ukuthi iNingizimu Afrika ihlomule kuyo yonke iminxa yezemvelo, okufaka phakathi izilwane ezinhlobonhlobo, imvelo ehlukahlukene, ukuhlukahluka kwezakhi zofuzo kanye nokuhlukahluka kokusebenza. Ngakho-ke, bonke ababebambe iqhaza kule ngqungquthela, banqume ngazwi linye ukuthi, kumele kube nobulungiswa kanye nokulingana kwinzuzo etholakala ekuhwebeni nokusebenzisa izinsizakusebenza. Igalelo lezithunywa zaseNingizimu Afrika, ngokungangabazi lizobumba futhi lakhe yonke imizamo yangomuso kwezokongiwa kwemvelo kuya phambili.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.